49. Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe,nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka,ngokuthuma izithunywa zobubi.
50. Walungisela intukuthelo yakhe indlela;akaphephisanga umphefumulo wabo ekufeni,kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni.
51. Washaya amazibulo onke aseGibithe,okokuqala kwamandla abo ematendeni kaHamu.
52. Kepha waphumisa abantu bakhe njengezimvu;wabahola ehlane njengomhlambi.
53. Wabahola kahle, abaze besaba;kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo.
54. Wabayisa emnceleni wakhe ongcwele,entabeni esasiyizuzile isandla sakhe sokunene.
55. Waxosha abezizwe phambi kwabo;edabula izwe wababela ifa,wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.
56. Nokho bamlinga, baphambana noNkulunkulu oPhezukonke,abaze bagcina imiyalo yakhe.
57. Bahoshekela emuva,bakhohlisa njengawoyise,baphenduka njengomnsalo ogejayo.
58. Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo,bamcunula ngezithombe zabo.