Amahubo 78:49-58 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

49. Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe,nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka,ngokuthuma izithunywa zobubi.

50. Walungisela intukuthelo yakhe indlela;akaphephisanga umphefumulo wabo ekufeni,kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni.

51. Washaya amazibulo onke aseGibithe,okokuqala kwamandla abo ematendeni kaHamu.

52. Kepha waphumisa abantu bakhe njengezimvu;wabahola ehlane njengomhlambi.

53. Wabahola kahle, abaze besaba;kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo.

54. Wabayisa emnceleni wakhe ongcwele,entabeni esasiyizuzile isandla sakhe sokunene.

55. Waxosha abezizwe phambi kwabo;edabula izwe wababela ifa,wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.

56. Nokho bamlinga, baphambana noNkulunkulu oPhezukonke,abaze bagcina imiyalo yakhe.

57. Bahoshekela emuva,bakhohlisa njengawoyise,baphenduka njengomnsalo ogejayo.

58. Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo,bamcunula ngezithombe zabo.

Amahubo 78