Amahubo 78:49-55 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

49. Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe,nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka,ngokuthuma izithunywa zobubi.

50. Walungisela intukuthelo yakhe indlela;akaphephisanga umphefumulo wabo ekufeni,kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni.

51. Washaya amazibulo onke aseGibithe,okokuqala kwamandla abo ematendeni kaHamu.

52. Kepha waphumisa abantu bakhe njengezimvu;wabahola ehlane njengomhlambi.

53. Wabahola kahle, abaze besaba;kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo.

54. Wabayisa emnceleni wakhe ongcwele,entabeni esasiyizuzile isandla sakhe sokunene.

55. Waxosha abezizwe phambi kwabo;edabula izwe wababela ifa,wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.

Amahubo 78