Amahubo 78:42-54 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

42. Abakhumbulanga isandla sakhenosuku abahlenga ngalo ezitheni,

43. lapho ezenza izibonakaliso zakhe eGibithenezimangaliso zakhe endaweni yaseSowani.

44. Waphendula lapho imifula yabo nemifudlana yabo yaba yigazi,ukuze bangabi nakuphuza.

45. Wathumela phakathi kwabo izibawu ezabadlayonamasele ababhubhisayo.

46. Wanika imiswenya ukudla kwabo,nomsebenzi wabo isikhonyane.

47. Wabulala imivini yabo ngesichotho,nemikhiwane yabo ngesangquma.

48. Wanikela izinkomo zabo esichothweninezimvu zabo kuyo imibani.

49. Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe,nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka,ngokuthuma izithunywa zobubi.

50. Walungisela intukuthelo yakhe indlela;akaphephisanga umphefumulo wabo ekufeni,kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni.

51. Washaya amazibulo onke aseGibithe,okokuqala kwamandla abo ematendeni kaHamu.

52. Kepha waphumisa abantu bakhe njengezimvu;wabahola ehlane njengomhlambi.

53. Wabahola kahle, abaze besaba;kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo.

54. Wabayisa emnceleni wakhe ongcwele,entabeni esasiyizuzile isandla sakhe sokunene.

Amahubo 78