Amahubo 78:41-49 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

41. Babuye bamlinga uNkulunkulu,bamdabukisa oNgcwele ka-Israyeli.

42. Abakhumbulanga isandla sakhenosuku abahlenga ngalo ezitheni,

43. lapho ezenza izibonakaliso zakhe eGibithenezimangaliso zakhe endaweni yaseSowani.

44. Waphendula lapho imifula yabo nemifudlana yabo yaba yigazi,ukuze bangabi nakuphuza.

45. Wathumela phakathi kwabo izibawu ezabadlayonamasele ababhubhisayo.

46. Wanika imiswenya ukudla kwabo,nomsebenzi wabo isikhonyane.

47. Wabulala imivini yabo ngesichotho,nemikhiwane yabo ngesangquma.

48. Wanikela izinkomo zabo esichothweninezimvu zabo kuyo imibani.

49. Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe,nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka,ngokuthuma izithunywa zobubi.

Amahubo 78