Amahubo 78:4-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. asinakukufihla kubantwana babo,izindumiso zikaJehova zisitshele kuso isizukulwane esizayo,namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzileyo.

5. Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe,wabeka umthetho kwa-Israyeli,ayala ngawo obabaukuba bafundise abantwana babo,

6. ukuze isizukulwane esilandelayo sazi,abantwana abayakuzalwa,bavuke, batshele abantwana babo,

7. babeke ithemba labo kuNkulunkulu,bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu,kepha bagcine imiyalo yakhe.

8. Bangabi njengawoyise,isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo,isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso,nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.

9. Abantu bakwa-Efrayimi,sebehlomile bephethe iminsalo,babuyela emuva ngosuku lokulwa.

10. Abasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu,benqaba ukuhamba emthethweni wakhe,

11. bakhohlwa imisebenzi yakhenezimangaliso zakhe abebabonisile zona.

12. Wazenza izimangaliso emehlweni awoyiseezweni laseGibithe endaweni yaseSowani.

13. Wahlukanisa ulwandle, wabawelisa;wamisa amanzi njengodonga.

14. Wabahola ngefu emini,nobusuku bonke ngokukhanya komlilo.

15. Waqhekeza amadwala ehlane,wabaphuzisa njengasotweni olujulileyo.

16. Waphumisa edwaleni izifufula,wehlisa amanzi njengemifula.

17. Nokho baqhubeka benza ukona kuye,baphambana noPhezukonke ehlane.

18. Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabongokucela ukudla abakufisayo.

19. Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi:“UNkulunkulu angalungisa isithebe ehlane na?

Amahubo 78