36. Kepha bamthopha ngomlomo wabo,baqamba amanga kuye ngolimi lwabo;
37. ngokuba inhliziyo yabo yayingabambeleli kuye,bengathembekile esivumelwaneni sakhe.
38. Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo,akabhubhisanga;yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe,akavusanga lonke ulaka lwakhe.
39. Wakhumbula ukuthi bayinyama,bangumoya odlulayo ongabuyiyo.
40. Kwaba kaningi kangakanani bephambana naye ehlane,bemdabukisa kwahlongasibi.
41. Babuye bamlinga uNkulunkulu,bamdabukisa oNgcwele ka-Israyeli.
42. Abakhumbulanga isandla sakhenosuku abahlenga ngalo ezitheni,
43. lapho ezenza izibonakaliso zakhe eGibithenezimangaliso zakhe endaweni yaseSowani.
44. Waphendula lapho imifula yabo nemifudlana yabo yaba yigazi,ukuze bangabi nakuphuza.