Amahubo 78:27-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Wawisa phezu kwabo inyama njengothuli,nezinyoni ezinamaphiko njengesihlabathi solwandle.

28. Wakwehlisa phakathi kwekamu* labo naphakathi kwezindlu zabo.

29. Badla, basuthiswa kakhulu;baphiwa abakufisayo.

30. Bebengakahlukani nokufisa kwabo,ukudla kwabo kusesemlonyeni wabo,

31. intukuthelo kaNkulunkulu yabavukela,wabulala abakhulupheleyo babo,wawisa phansi izinsizwa zakwa-Israyeli.

32. Nokho bona njalo,abakholwanga yizimangaliso zakhe.

33. Ngakho waqedela izinsuku zabo ezeni neminyaka yabo ovalweni.

34. Lapho ebabulala, bamfuna;babuye bamfunisisa uNkulunkulu.

35. Base bekhumbula ukuthi uNkulunkulu uyidwala labo;uNkulunkulu oPhezukonke ungumkhululi wabo.

36. Kepha bamthopha ngomlomo wabo,baqamba amanga kuye ngolimi lwabo;

37. ngokuba inhliziyo yabo yayingabambeleli kuye,bengathembekile esivumelwaneni sakhe.

38. Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo,akabhubhisanga;yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe,akavusanga lonke ulaka lwakhe.

39. Wakhumbula ukuthi bayinyama,bangumoya odlulayo ongabuyiyo.

40. Kwaba kaningi kangakanani bephambana naye ehlane,bemdabukisa kwahlongasibi.

41. Babuye bamlinga uNkulunkulu,bamdabukisa oNgcwele ka-Israyeli.

42. Abakhumbulanga isandla sakhenosuku abahlenga ngalo ezitheni,

43. lapho ezenza izibonakaliso zakhe eGibithenezimangaliso zakhe endaweni yaseSowani.

Amahubo 78