Amahubo 78:26-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Waphumisa umoya wasempumalanga ezulwini;ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu.

27. Wawisa phezu kwabo inyama njengothuli,nezinyoni ezinamaphiko njengesihlabathi solwandle.

28. Wakwehlisa phakathi kwekamu* labo naphakathi kwezindlu zabo.

29. Badla, basuthiswa kakhulu;baphiwa abakufisayo.

30. Bebengakahlukani nokufisa kwabo,ukudla kwabo kusesemlonyeni wabo,

31. intukuthelo kaNkulunkulu yabavukela,wabulala abakhulupheleyo babo,wawisa phansi izinsizwa zakwa-Israyeli.

32. Nokho bona njalo,abakholwanga yizimangaliso zakhe.

33. Ngakho waqedela izinsuku zabo ezeni neminyaka yabo ovalweni.

34. Lapho ebabulala, bamfuna;babuye bamfunisisa uNkulunkulu.

35. Base bekhumbula ukuthi uNkulunkulu uyidwala labo;uNkulunkulu oPhezukonke ungumkhululi wabo.

36. Kepha bamthopha ngomlomo wabo,baqamba amanga kuye ngolimi lwabo;

37. ngokuba inhliziyo yabo yayingabambeleli kuye,bengathembekile esivumelwaneni sakhe.

Amahubo 78