24. wanisa phezu kwabo imana* kube ngukudla,wabapha amabele ezulu;
25. abantu badla isinkwa sezingelosi,bathunyelwa ukudla ngokugcweleyo.
26. Waphumisa umoya wasempumalanga ezulwini;ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu.
27. Wawisa phezu kwabo inyama njengothuli,nezinyoni ezinamaphiko njengesihlabathi solwandle.
28. Wakwehlisa phakathi kwekamu* labo naphakathi kwezindlu zabo.
29. Badla, basuthiswa kakhulu;baphiwa abakufisayo.
30. Bebengakahlukani nokufisa kwabo,ukudla kwabo kusesemlonyeni wabo,
31. intukuthelo kaNkulunkulu yabavukela,wabulala abakhulupheleyo babo,wawisa phansi izinsizwa zakwa-Israyeli.
32. Nokho bona njalo,abakholwanga yizimangaliso zakhe.
33. Ngakho waqedela izinsuku zabo ezeni neminyaka yabo ovalweni.