Amahubo 78:20-40 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Bhekani, washaya idwala,kwaphuma amanzi,nemifula yampompoza;kepha angabanika nesinkwa,alungisele abantu bakhe inyama, na?”

21. Ngalokho uJehova ekuzwa lokhowathukuthela, kwavutha umlilo ngoJakobe,ulaka lwavuka ngo-Israyeli;

22. ngokuba abakholwanga nguNkulunkulu,abathembanga ensindisweni yakhe.

23. Nokho wayala amafu phezulu,wavula iminyango yezulu,

24. wanisa phezu kwabo imana* kube ngukudla,wabapha amabele ezulu;

25. abantu badla isinkwa sezingelosi,bathunyelwa ukudla ngokugcweleyo.

26. Waphumisa umoya wasempumalanga ezulwini;ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu.

27. Wawisa phezu kwabo inyama njengothuli,nezinyoni ezinamaphiko njengesihlabathi solwandle.

28. Wakwehlisa phakathi kwekamu* labo naphakathi kwezindlu zabo.

29. Badla, basuthiswa kakhulu;baphiwa abakufisayo.

30. Bebengakahlukani nokufisa kwabo,ukudla kwabo kusesemlonyeni wabo,

31. intukuthelo kaNkulunkulu yabavukela,wabulala abakhulupheleyo babo,wawisa phansi izinsizwa zakwa-Israyeli.

32. Nokho bona njalo,abakholwanga yizimangaliso zakhe.

33. Ngakho waqedela izinsuku zabo ezeni neminyaka yabo ovalweni.

34. Lapho ebabulala, bamfuna;babuye bamfunisisa uNkulunkulu.

35. Base bekhumbula ukuthi uNkulunkulu uyidwala labo;uNkulunkulu oPhezukonke ungumkhululi wabo.

36. Kepha bamthopha ngomlomo wabo,baqamba amanga kuye ngolimi lwabo;

37. ngokuba inhliziyo yabo yayingabambeleli kuye,bengathembekile esivumelwaneni sakhe.

38. Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo,akabhubhisanga;yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe,akavusanga lonke ulaka lwakhe.

39. Wakhumbula ukuthi bayinyama,bangumoya odlulayo ongabuyiyo.

40. Kwaba kaningi kangakanani bephambana naye ehlane,bemdabukisa kwahlongasibi.

Amahubo 78