Amahubo 78:18-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabongokucela ukudla abakufisayo.

19. Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi:“UNkulunkulu angalungisa isithebe ehlane na?

20. Bhekani, washaya idwala,kwaphuma amanzi,nemifula yampompoza;kepha angabanika nesinkwa,alungisele abantu bakhe inyama, na?”

21. Ngalokho uJehova ekuzwa lokhowathukuthela, kwavutha umlilo ngoJakobe,ulaka lwavuka ngo-Israyeli;

22. ngokuba abakholwanga nguNkulunkulu,abathembanga ensindisweni yakhe.

23. Nokho wayala amafu phezulu,wavula iminyango yezulu,

24. wanisa phezu kwabo imana* kube ngukudla,wabapha amabele ezulu;

25. abantu badla isinkwa sezingelosi,bathunyelwa ukudla ngokugcweleyo.

Amahubo 78