Amahubo 78:15-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Waqhekeza amadwala ehlane,wabaphuzisa njengasotweni olujulileyo.

16. Waphumisa edwaleni izifufula,wehlisa amanzi njengemifula.

17. Nokho baqhubeka benza ukona kuye,baphambana noPhezukonke ehlane.

18. Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabongokucela ukudla abakufisayo.

19. Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi:“UNkulunkulu angalungisa isithebe ehlane na?

20. Bhekani, washaya idwala,kwaphuma amanzi,nemifula yampompoza;kepha angabanika nesinkwa,alungisele abantu bakhe inyama, na?”

21. Ngalokho uJehova ekuzwa lokhowathukuthela, kwavutha umlilo ngoJakobe,ulaka lwavuka ngo-Israyeli;

22. ngokuba abakholwanga nguNkulunkulu,abathembanga ensindisweni yakhe.

23. Nokho wayala amafu phezulu,wavula iminyango yezulu,

24. wanisa phezu kwabo imana* kube ngukudla,wabapha amabele ezulu;

25. abantu badla isinkwa sezingelosi,bathunyelwa ukudla ngokugcweleyo.

26. Waphumisa umoya wasempumalanga ezulwini;ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu.

27. Wawisa phezu kwabo inyama njengothuli,nezinyoni ezinamaphiko njengesihlabathi solwandle.

28. Wakwehlisa phakathi kwekamu* labo naphakathi kwezindlu zabo.

29. Badla, basuthiswa kakhulu;baphiwa abakufisayo.

Amahubo 78