1. Zwanini, bantu bami, umthetho wami,nibeke izindlebe zenu emazwini omlomo wami.
2. Ngizakuvula umlomo wami ngomfanekiso,ngibonakalise izimfihlakalo zasendulo.
3. Esikuzwileyo sakwazi,nawobaba abasitshela khona,
4. asinakukufihla kubantwana babo,izindumiso zikaJehova zisitshele kuso isizukulwane esizayo,namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzileyo.
5. Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe,wabeka umthetho kwa-Israyeli,ayala ngawo obabaukuba bafundise abantwana babo,
6. ukuze isizukulwane esilandelayo sazi,abantwana abayakuzalwa,bavuke, batshele abantwana babo,
7. babeke ithemba labo kuNkulunkulu,bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu,kepha bagcine imiyalo yakhe.
8. Bangabi njengawoyise,isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo,isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso,nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.