6. Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu,ngizindla enhliziyweni yami;nomoya wami uyahlolisisa.
7. INkosi iyakulahla kuze kube phakade na?Ayisenakuphinda ibe nomusa na?
8. Umusa wayo unqamukile njalo yini na?Isithembiso siphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na?
9. UNkulunkulu ukhohliwe ukuba abe nomusa na?Uvalele ububele bakhe ngolaka na? Sela*
10. Ngase ngithi:“Yilokhu ukuhlupheka kwami,ngokuba isandla sokunene soPhezukonke siphendukile.”
11. Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova,yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo,
12. ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho,ngizindle ngezenzo zakho.
13. Indlela yakho, Nkulunkulu, isebungcweleni;ngubani ongunkulunkulu omkhulu njengoNkulunkulu na?
14. Wena unguNkulunkulu owenza izimangaliso;amandla akho uwazisile ezizweni.
15. Ngengalo yamandla wasindisa abantu bakho,amadodana kaJakobe noJosefa. Sela*
16. Amanzi akubona, Nkulunkulu,amanzi akubona, athuthumela,nezintwa zazamazama.
17. Amafu athela amanzi,izulu laduma,imicibisholo yakho yaphuma.
18. Izwi lokuduma kwakho lalisesivunguvungwini;imibani yakhanyisa izwe;umhlaba wadikizela, wazamazama.
19. Indlela yakho yayiselwandle,nomendo wakho wawusemanzini amaningi,kodwa izinyathelo zakho zazingaziwa.
20. Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.