10. Ngase ngithi:“Yilokhu ukuhlupheka kwami,ngokuba isandla sokunene soPhezukonke siphendukile.”
11. Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova,yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo,
12. ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho,ngizindle ngezenzo zakho.
13. Indlela yakho, Nkulunkulu, isebungcweleni;ngubani ongunkulunkulu omkhulu njengoNkulunkulu na?
14. Wena unguNkulunkulu owenza izimangaliso;amandla akho uwazisile ezizweni.
15. Ngengalo yamandla wasindisa abantu bakho,amadodana kaJakobe noJosefa. Sela*
16. Amanzi akubona, Nkulunkulu,amanzi akubona, athuthumela,nezintwa zazamazama.
17. Amafu athela amanzi,izulu laduma,imicibisholo yakho yaphuma.
18. Izwi lokuduma kwakho lalisesivunguvungwini;imibani yakhanyisa izwe;umhlaba wadikizela, wazamazama.
19. Indlela yakho yayiselwandle,nomendo wakho wawusemanzini amaningi,kodwa izinyathelo zakho zazingaziwa.
20. Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.