Amahubo 77:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izwi lami ngiyakuliphakamisela kuNkulunkulu,ngikhale kuNkulunkulu ukuba angibekele indlebe.

2. Osukwini losizi lwami ngiyayifuna iNkosi;ebusuku isandla sami seluliwe, asidangali;umphefumulo wami wala ukududuzwa.

3. Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula;ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla. Sela*

4. Uzibambile izinkophe zamehlo ami, angavaleki;ngikhathazekile,angisakwazi ukukhuluma.

5. Ngiyazindla ngezinsuku zasendulo,ngeminyaka yaphakade.

6. Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu,ngizindla enhliziyweni yami;nomoya wami uyahlolisisa.

Amahubo 77