1. Izwi lami ngiyakuliphakamisela kuNkulunkulu,ngikhale kuNkulunkulu ukuba angibekele indlebe.
2. Osukwini losizi lwami ngiyayifuna iNkosi;ebusuku isandla sami seluliwe, asidangali;umphefumulo wami wala ukududuzwa.
3. Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula;ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla. Sela*
4. Uzibambile izinkophe zamehlo ami, angavaleki;ngikhathazekile,angisakwazi ukukhuluma.
5. Ngiyazindla ngezinsuku zasendulo,ngeminyaka yaphakade.
6. Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu,ngizindla enhliziyweni yami;nomoya wami uyahlolisisa.