Amahubo 77:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izwi lami ngiyakuliphakamisela kuNkulunkulu,ngikhale kuNkulunkulu ukuba angibekele indlebe.

2. Osukwini losizi lwami ngiyayifuna iNkosi;ebusuku isandla sami seluliwe, asidangali;umphefumulo wami wala ukududuzwa.

3. Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula;ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla. Sela*

4. Uzibambile izinkophe zamehlo ami, angavaleki;ngikhathazekile,angisakwazi ukukhuluma.

Amahubo 77