1. Siyakubonga, Nkulunkulu, siyabonga;igama lakho liseduze;balanda izimangaliso zakho.
2. Lapho ngiyakugcina isikhathi esimisiweyo,ngiyakwahlulela ngokulunga.
3. Umhlaba uyancibilika nabo bonke abakhe kuwo;mina ngimisile izinsika zawo. Sela*
4. Ngithe kwabazidlayo: “Ningazidli,”nakwababi: “Ningaphakamisi uphondo.
5. Ningaluphakamiseli phezulu uphondo lwenu,ningajoqi ngentamo elukhuni.”
6. Ngokuba ukuphakanyiswa akuveli empumalanganasentshonalanga nasehlane lasezintabeni,
7. kepha uNkulunkulu ungumahluleli;omunye uyamehlisa,omunye amphakamise.
8. Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha;iwayini liyakhephuza;sigcwele ngeliqungiweyo,yona iyathulula ngaso;impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo,bayiphuze.
9. Kepha mina ngiyakumemezela ngakho kuze kube phakade,ngidumise uNkulunkulu kaJakobe.
10. Zonke izimpondo zababi ngiyakuzinquma;kepha izimpondo zolungileyo ziyakuphakanyiswa.