Amahubo 74:12-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Nokho uNkulunkulu uyiNkosi yami kwaphakadeeyenza insindiso emhlabeni.

13. Nguwena owahlukanisa ulwandle ngamandla akho,wachofoza amakhanda ezilo ezesabekayo emanzini.

14. Nguwena owaphohloza amakhanda kaLeviyathani,*wamnika abe ngukudla kwezidalwa zasehlane.

15. Nguwena owaqhamukisa isiphethu nomfudlana;nguwe owomisa imifula egobhoza njalo.

16. Usuku ngolwakho,nobusuku ngobakho;nguwena owenza ukukhanya nelanga.

17. Nguwena owamisa yonke imikhawulo yomhlaba;nguwe owenza ihlobo nobusika.

18. Khumbula lokhu, Jehova,ukuthi isitha sithukile,nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.

19. Ungawunikeli umphefumulo wejuba lakho esilwaneni;ungakhohlwa ukuphila kwezihlupheki zakho njalo.

20. Khumbula isivumelwano,ngokuba izindawo ezimnyama zezwe zigcwele izindlu zobudlova.

Amahubo 74