11. Usihoshelani isandla sakho,isandla sakho sokunene, na?Sihoshe esifubeni sakho, uzichithe.
12. Nokho uNkulunkulu uyiNkosi yami kwaphakadeeyenza insindiso emhlabeni.
13. Nguwena owahlukanisa ulwandle ngamandla akho,wachofoza amakhanda ezilo ezesabekayo emanzini.
14. Nguwena owaphohloza amakhanda kaLeviyathani,*wamnika abe ngukudla kwezidalwa zasehlane.
15. Nguwena owaqhamukisa isiphethu nomfudlana;nguwe owomisa imifula egobhoza njalo.
16. Usuku ngolwakho,nobusuku ngobakho;nguwena owenza ukukhanya nelanga.
17. Nguwena owamisa yonke imikhawulo yomhlaba;nguwe owenza ihlobo nobusika.
18. Khumbula lokhu, Jehova,ukuthi isitha sithukile,nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.
19. Ungawunikeli umphefumulo wejuba lakho esilwaneni;ungakhohlwa ukuphila kwezihlupheki zakho njalo.
20. Khumbula isivumelwano,ngokuba izindawo ezimnyama zezwe zigcwele izindlu zobudlova.