Amahubo 74:1-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Nkulunkulu, usilahleleni kuze kube phakade na?Intukuthelo yakho ithunqelelani izimvu zedlelo lakho na?

2. Khumbula ibandla lakho owalizuza endulo,owalikhulula ukuba libe yisifunda sefa lakho,nentaba yaseSiyoni ohlala kuyo.

3. Lulamisela izinyawo zakho emidilikweni yaphakade;isitha sone konke endlini engcwele.

4. Izitha zakho zibhongile phakathi kwendlu yakho yokubuthana,zamisa izimpawu zazo zaba yizimpawu.

5. Zaba sengathi abantu baphakamisa amazembeemithini eminyeneyo.

6. Konke okubaziweyo kwayosezikuphohloze ngembazo nangesando.

7. Zayokhela indlu yakho engcwele;indlu yegama lakho zayidumaza kwaze kwaba phansi emhlabathini.

8. Zathi enhliziyweni yazo: “Masibachithe kanyekanye,”zashisa zonke izindlu zokubuthana zikaNkulunkulu ezweni.

9. Izimpawu zethu asiziboni;akusekho mprofethi;akakho kithina owaziyo ukuthi koze kube nini.

10. Nkulunkulu, koze kube nini umcindezeli ethuka,isitha sihlambalaza igama lakho njalo, na?

11. Usihoshelani isandla sakho,isandla sakho sokunene, na?Sihoshe esifubeni sakho, uzichithe.

12. Nokho uNkulunkulu uyiNkosi yami kwaphakadeeyenza insindiso emhlabeni.

13. Nguwena owahlukanisa ulwandle ngamandla akho,wachofoza amakhanda ezilo ezesabekayo emanzini.

Amahubo 74