Amahubo 73:6-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo;indluzula ibembesa njengengubo.

7. Amehlo abo aphinqekile ngokunona;imicabango yenhliziyo iyachichima.

8. Bayaklolodela; ebubini bakhuluma ngokukhahla;bakhuluma besekuphakamemi.

9. Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini;ulimi lwabo luhambela emhlabeni.

10. Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha;amanzi amaningi bazimuncela wona.

11. Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani na?Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?”

12. Bheka, laba bayibo ababi;bazinza njalo; bandisa imfuyo.

13. Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami,ngahlamba izandla zami ngingenacala,

14. ngokuba ngahlushwa usuku lonke;kwasa ngijeziswa.

15. Uma bengithe,ngizakukhuluma kanjalo,bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.

16. Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho,kwaba luhlupho emehlweni ami,

17. ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu,ngaqaphelisisa ukugcina kwabo.

Amahubo 73