Amahubo 73:5-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Abahlupheki njengabanye abantu;abahlushwa njengabanye abantu.

6. Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo;indluzula ibembesa njengengubo.

7. Amehlo abo aphinqekile ngokunona;imicabango yenhliziyo iyachichima.

8. Bayaklolodela; ebubini bakhuluma ngokukhahla;bakhuluma besekuphakamemi.

9. Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini;ulimi lwabo luhambela emhlabeni.

10. Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha;amanzi amaningi bazimuncela wona.

11. Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani na?Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?”

12. Bheka, laba bayibo ababi;bazinza njalo; bandisa imfuyo.

13. Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami,ngahlamba izandla zami ngingenacala,

14. ngokuba ngahlushwa usuku lonke;kwasa ngijeziswa.

15. Uma bengithe,ngizakukhuluma kanjalo,bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.

16. Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho,kwaba luhlupho emehlweni ami,

17. ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu,ngaqaphelisisa ukugcina kwabo.

18. Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi;ubawisa babe yincithakalo.

19. Maye, bachithwa ngokuphazima kweso!Bashona, babhubha benovalo.

20. Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi,uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.

21. Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu,kuhlaba ezinsweni zami,

22. ngaba yisiphukuphuku,angaqonda lutho;ngaba yisilwane kuwe.

23. Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo;ungibambile ngesandla sami sokunene.

Amahubo 73