3. Ngokuba ngaba nomhawu ngabazidlayo,lapho ngibona ukubusa kwababi.
4. Ngokuba abanabuhlungu kuze kube sekufeni kwabo,namandla abo aqinile.
5. Abahlupheki njengabanye abantu;abahlushwa njengabanye abantu.
6. Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo;indluzula ibembesa njengengubo.
7. Amehlo abo aphinqekile ngokunona;imicabango yenhliziyo iyachichima.
8. Bayaklolodela; ebubini bakhuluma ngokukhahla;bakhuluma besekuphakamemi.