25. Nginobani ezulwini na?Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.
26. Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yaminesabelo sami kuze kube phakade.
27. Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha;uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe ngokuphinga.
28. Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu;ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami,ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.