18. Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi;ubawisa babe yincithakalo.
19. Maye, bachithwa ngokuphazima kweso!Bashona, babhubha benovalo.
20. Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi,uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.
21. Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu,kuhlaba ezinsweni zami,
22. ngaba yisiphukuphuku,angaqonda lutho;ngaba yisilwane kuwe.
23. Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo;ungibambile ngesandla sami sokunene.
24. Uyakungihola ngesiluleko sakho,andukuba ungamukele enkazimulweni.
25. Nginobani ezulwini na?Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.
26. Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yaminesabelo sami kuze kube phakade.
27. Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha;uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe ngokuphinga.
28. Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu;ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami,ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.