Amahubo 73:18-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi;ubawisa babe yincithakalo.

19. Maye, bachithwa ngokuphazima kweso!Bashona, babhubha benovalo.

20. Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi,uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.

21. Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu,kuhlaba ezinsweni zami,

22. ngaba yisiphukuphuku,angaqonda lutho;ngaba yisilwane kuwe.

Amahubo 73