Amahubo 73:10-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha;amanzi amaningi bazimuncela wona.

11. Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani na?Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?”

12. Bheka, laba bayibo ababi;bazinza njalo; bandisa imfuyo.

13. Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami,ngahlamba izandla zami ngingenacala,

14. ngokuba ngahlushwa usuku lonke;kwasa ngijeziswa.

15. Uma bengithe,ngizakukhuluma kanjalo,bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.

Amahubo 73