1. Impela uNkulunkulu umnene ku-Israyeli,kubo abanenhliziyo ehlanzekileyo.
2. Kepha mina, izinyawo zami zicishe zakhubeka;kwaba kancane ukuba izinyathelo zami zishelele.
3. Ngokuba ngaba nomhawu ngabazidlayo,lapho ngibona ukubusa kwababi.
4. Ngokuba abanabuhlungu kuze kube sekufeni kwabo,namandla abo aqinile.
5. Abahlupheki njengabanye abantu;abahlushwa njengabanye abantu.
6. Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo;indluzula ibembesa njengengubo.
7. Amehlo abo aphinqekile ngokunona;imicabango yenhliziyo iyachichima.
8. Bayaklolodela; ebubini bakhuluma ngokukhahla;bakhuluma besekuphakamemi.
9. Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini;ulimi lwabo luhambela emhlabeni.
10. Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha;amanzi amaningi bazimuncela wona.
11. Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani na?Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?”
12. Bheka, laba bayibo ababi;bazinza njalo; bandisa imfuyo.
13. Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami,ngahlamba izandla zami ngingenacala,
14. ngokuba ngahlushwa usuku lonke;kwasa ngijeziswa.
15. Uma bengithe,ngizakukhuluma kanjalo,bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.
16. Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho,kwaba luhlupho emehlweni ami,