Amahubo 73:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Impela uNkulunkulu umnene ku-Israyeli,kubo abanenhliziyo ehlanzekileyo.

2. Kepha mina, izinyawo zami zicishe zakhubeka;kwaba kancane ukuba izinyathelo zami zishelele.

3. Ngokuba ngaba nomhawu ngabazidlayo,lapho ngibona ukubusa kwababi.

4. Ngokuba abanabuhlungu kuze kube sekufeni kwabo,namandla abo aqinile.

5. Abahlupheki njengabanye abantu;abahlushwa njengabanye abantu.

6. Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo;indluzula ibembesa njengengubo.

7. Amehlo abo aphinqekile ngokunona;imicabango yenhliziyo iyachichima.

8. Bayaklolodela; ebubini bakhuluma ngokukhahla;bakhuluma besekuphakamemi.

9. Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini;ulimi lwabo luhambela emhlabeni.

10. Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha;amanzi amaningi bazimuncela wona.

11. Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani na?Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?”

Amahubo 73