3. Yiba kimi idwala lokuhlala,ukuze ngiye kulo njalonjalo;ukuyalezile ukusindiswa kwami,ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.
4. Nkulunkulu wami,ngikhulule esandleni somubi,esandleni songalungile nesonakeleyo.
5. Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova,ithemba lami kwasebusheni bami.
6. Ngencike kuwe kwasesiswini;nguwe owangikhipha ezibilinini zikamame;ukudumisa kwami kuyakuba ngawe njalo.
7. Nginjengesimangaliso kwabaningi,kepha wena uyisiphephelo sami esinamandla.
8. Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena,nalo udumo lwakho usuku lonke.