2. Ngikhulule ngokulunga kwakho, ungihlangulise;beka indlebe yakho kimi, ungisindise.
3. Yiba kimi idwala lokuhlala,ukuze ngiye kulo njalonjalo;ukuyalezile ukusindiswa kwami,ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.
4. Nkulunkulu wami,ngikhulule esandleni somubi,esandleni songalungile nesonakeleyo.
5. Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova,ithemba lami kwasebusheni bami.
6. Ngencike kuwe kwasesiswini;nguwe owangikhipha ezibilinini zikamame;ukudumisa kwami kuyakuba ngawe njalo.
7. Nginjengesimangaliso kwabaningi,kepha wena uyisiphephelo sami esinamandla.
8. Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena,nalo udumo lwakho usuku lonke.
9. Ungangilahli esikhathini sobudala,ungangishiyi ekupheleni kwamandla ami,
10. ngokuba izitha zami zikhuluma ngami,nabawuhlomele umphefumulo wami bayahlebelana,
11. bathi: “UNkulunkulu umshiyile;zingelani nimbambe,ngokuba akakho osindisayo.”
12. Nkulunkulu, ungabi kude nami;Nkulunkulu, phuthuma ungisize.
13. Abamelene nomphefumulo wami mabajabhe, baphele;abangifunela umonakalo mabembatheamahloni nenhlamba.
14. Mina kodwa ngiyakwethemba njalo,ngengeze ukudumisa ekudunyisweni kwakho.
15. Umlomo wami uyakulanda ukulunga kwakho,nensindiso yakho lonke usuku;ngokuba anginakukubala.
16. Ngiyakuletha izenzo ezinqabileyo zeNkosi uJehova;ngiyakubonga ukulunga kwakho, okwakho kuphela.