Amahubo 71:14-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Mina kodwa ngiyakwethemba njalo,ngengeze ukudumisa ekudunyisweni kwakho.

15. Umlomo wami uyakulanda ukulunga kwakho,nensindiso yakho lonke usuku;ngokuba anginakukubala.

16. Ngiyakuletha izenzo ezinqabileyo zeNkosi uJehova;ngiyakubonga ukulunga kwakho, okwakho kuphela.

17. Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami;ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube manje.

18. Futhi mawungangishiyi,nxa ngimdala, ngiyimpunga,ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane,amandla akho kubo bonke abezayo.

19. Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini;wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu,ngubani onjengawe na?

20. Wena owasizwisa izinhlupheko eziningi ezimbi,uyakubuye usiphilise,usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.

21. Yandisa udumo lwami,ubuye ungiduduze.

22. Yikhona nami ngizakububonga ubuqotho bakho,Nkulunkulu wami,ngogubhu lwezintambo;ngizakukudumisa ngehabhu*wena oNgcwele ka-Israyeli.

23. Izindebe zami zizakujabula,ngokuba ngizakukudumisa wena,nomphefumulo wami owuhlengileyo.

24. Ulimi lwami futhi luzakukhuluma lonke usuku ngokulunga;ngokuba badunyaziwe, bajabhisiwe abangifunela umonakalo.

Amahubo 71