12. Nkulunkulu, ungabi kude nami;Nkulunkulu, phuthuma ungisize.
13. Abamelene nomphefumulo wami mabajabhe, baphele;abangifunela umonakalo mabembatheamahloni nenhlamba.
14. Mina kodwa ngiyakwethemba njalo,ngengeze ukudumisa ekudunyisweni kwakho.
15. Umlomo wami uyakulanda ukulunga kwakho,nensindiso yakho lonke usuku;ngokuba anginakukubala.
16. Ngiyakuletha izenzo ezinqabileyo zeNkosi uJehova;ngiyakubonga ukulunga kwakho, okwakho kuphela.
17. Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami;ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube manje.
18. Futhi mawungangishiyi,nxa ngimdala, ngiyimpunga,ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane,amandla akho kubo bonke abezayo.
19. Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini;wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu,ngubani onjengawe na?