Amahubo 71:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Jehova, ngiyethemba wena;mangingajabhi naphakade.

2. Ngikhulule ngokulunga kwakho, ungihlangulise;beka indlebe yakho kimi, ungisindise.

3. Yiba kimi idwala lokuhlala,ukuze ngiye kulo njalonjalo;ukuyalezile ukusindiswa kwami,ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.

4. Nkulunkulu wami,ngikhulule esandleni somubi,esandleni songalungile nesonakeleyo.

5. Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova,ithemba lami kwasebusheni bami.

6. Ngencike kuwe kwasesiswini;nguwe owangikhipha ezibilinini zikamame;ukudumisa kwami kuyakuba ngawe njalo.

Amahubo 71