7. Nkulunkulu, ekuphumeni kwakho phambi kwabantu bakho,ekudabuleni kwakho ihlane, Sela*
8. umhlaba wazamazama,izulu laconsa phambi kukaNkulunkulu,neSinayi lazamazama phambi kukaNkulunkulu,uNkulunkulu ka-Israyeli.
9. Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu;ifa lakho selahlulekile, waliqinisa.
10. Ibandla lakho lakha kulo;ngobuhle bakho wabalungisela abahluphekayo, Nkulunkulu.
11. INkosi iphumisa izwi;abesifazane ababika indaba ejabulisayo bayisixuku esikhulu.
12. Amakhosi ezimpi ayabaleka; ayabaleka wona;isifazane esihlezi ekhaya sabela impango.
13. Nxa nilala phakathi kwezibaya,kunjengamaphiko ejuba asibekelwa ngesiliva,izimpaphe zamaphiko alo ngegolide elikhazimulayo.
14. Nxa uSomandla ehlakaza amakhosi kulo,likhithika iqhwa eSalimoni.
15. Intaba yaseBashani iyintaba kaNkulunkulu;intaba yaseBashani iyintaba eneziqongo.