Amahubo 68:5-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. uyise wezintandane,umahluleli wabafelokazi,uNkulunkulu endlini yakhe engcwele,

6. uNkulunkulu ohlalisa imihlalaqha ezindlini,akhiphele iziboshwa ekubuseni;ngabahlubukileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo.

7. Nkulunkulu, ekuphumeni kwakho phambi kwabantu bakho,ekudabuleni kwakho ihlane, Sela*

8. umhlaba wazamazama,izulu laconsa phambi kukaNkulunkulu,neSinayi lazamazama phambi kukaNkulunkulu,uNkulunkulu ka-Israyeli.

9. Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu;ifa lakho selahlulekile, waliqinisa.

10. Ibandla lakho lakha kulo;ngobuhle bakho wabalungisela abahluphekayo, Nkulunkulu.

11. INkosi iphumisa izwi;abesifazane ababika indaba ejabulisayo bayisixuku esikhulu.

12. Amakhosi ezimpi ayabaleka; ayabaleka wona;isifazane esihlezi ekhaya sabela impango.

13. Nxa nilala phakathi kwezibaya,kunjengamaphiko ejuba asibekelwa ngesiliva,izimpaphe zamaphiko alo ngegolide elikhazimulayo.

14. Nxa uSomandla ehlakaza amakhosi kulo,likhithika iqhwa eSalimoni.

15. Intaba yaseBashani iyintaba kaNkulunkulu;intaba yaseBashani iyintaba eneziqongo.

16. Nina zintaba ezineziqongo,yini ukuba niyibuke ngomhawu intabauNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na?Yebo, uJehova uyakuhlala kuyo kuze kube phakade.

17. Izinqola zikaNkulunkulu ziyizinkulungwane ezingamashumi amabili,izinkulungwane nezinkulungwane;iNkosi iphakathi kwazo;iSinayi lisendaweni engcwele.

Amahubo 68