Amahubo 68:24-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Bayazibona izindwendwe zakho, Nkulunkulu,izindwendwe zikaNkulunkulu wami,iNkosi yami, ziya endlini engcwele.

25. Ngaphambili kuhamba abahlabeleli,ngasemuva abashaya ugubhu,ngaphakathi izintombi ezishaya izingubhu.

26. Bongani uNkulunkulu emihlanganweni;bongani iNkosi, nina bomthombo ka-Israyeli.

27. Nango uBenjamini, omncane, umbusi wabo,neviyo lezikhulu zakwaJuda,izikhulu zakwaZebuloni nezikhulu zakwaNafetali.

28. UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho;qinisa, Nkulunkulu,lokho ozenzela khona.

29. Ngenxa yethempeli lakho eJerusalemaamakhosi ayakukulethela izipho.

30. Zikhuze izilwane zasemhlangeni,umhlambi wezinkunzi kanye namankonyane abantu,azithobise phansi ngezinqamu zesiliva;uyazihlakaza izizwe ezithanda ukulwa.

31. Izikhulu ziyakuvela eGibithe;amaKushe ayakwelulela ngokusheshaizandla zawo kuNkulunkulu.

32. Nina mibuso yomhlaba mhubeleni uNkulunkulu,nidumise iNkosi, Sela*

33. yona ekhwela phezu kwamazulu ezulu asendulo;bhekani, iyezwakalisa izwi layo,izwi elinamandla.

34. Nikani uNkulunkulu amandla;ubukhosi bakhe buphezu kuka-Israyeli;amandla akhe asemafwini.

35. Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele;uNkulunkulu ka-Israyeli nguyena owenzela abantu amandla nokuqina;makadunyiswe uNkulunkulu.

Amahubo 68