22. INkosi yathi: “Ngiyakubabuyisa eBashani,ngibabuyise ekujuleni kolwandle
23. ukuba unyawo lwakho ulucwilise egazini,ulimi lwezinja zakho lube nesabelo salo ezitheni.”
24. Bayazibona izindwendwe zakho, Nkulunkulu,izindwendwe zikaNkulunkulu wami,iNkosi yami, ziya endlini engcwele.
25. Ngaphambili kuhamba abahlabeleli,ngasemuva abashaya ugubhu,ngaphakathi izintombi ezishaya izingubhu.
26. Bongani uNkulunkulu emihlanganweni;bongani iNkosi, nina bomthombo ka-Israyeli.
27. Nango uBenjamini, omncane, umbusi wabo,neviyo lezikhulu zakwaJuda,izikhulu zakwaZebuloni nezikhulu zakwaNafetali.
28. UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho;qinisa, Nkulunkulu,lokho ozenzela khona.
29. Ngenxa yethempeli lakho eJerusalemaamakhosi ayakukulethela izipho.
30. Zikhuze izilwane zasemhlangeni,umhlambi wezinkunzi kanye namankonyane abantu,azithobise phansi ngezinqamu zesiliva;uyazihlakaza izizwe ezithanda ukulwa.
31. Izikhulu ziyakuvela eGibithe;amaKushe ayakwelulela ngokusheshaizandla zawo kuNkulunkulu.
32. Nina mibuso yomhlaba mhubeleni uNkulunkulu,nidumise iNkosi, Sela*
33. yona ekhwela phezu kwamazulu ezulu asendulo;bhekani, iyezwakalisa izwi layo,izwi elinamandla.
34. Nikani uNkulunkulu amandla;ubukhosi bakhe buphezu kuka-Israyeli;amandla akhe asemafwini.