Amahubo 68:14-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Nxa uSomandla ehlakaza amakhosi kulo,likhithika iqhwa eSalimoni.

15. Intaba yaseBashani iyintaba kaNkulunkulu;intaba yaseBashani iyintaba eneziqongo.

16. Nina zintaba ezineziqongo,yini ukuba niyibuke ngomhawu intabauNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na?Yebo, uJehova uyakuhlala kuyo kuze kube phakade.

17. Izinqola zikaNkulunkulu ziyizinkulungwane ezingamashumi amabili,izinkulungwane nezinkulungwane;iNkosi iphakathi kwazo;iSinayi lisendaweni engcwele.

18. Wena wenyukela phezulu,wathumba izithunjwa,wamukela izipho kubantu nakwabahlubukileyo,ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale khona.

19. Mayibongwe iNkosi.Iyasithwala imihla ngemihla;uNkulunkulu uyinsindiso yethu. Sela*

20. Kithina uNkulunkulu unguNkulunkulu wezinkululo;ukukhipha ekufeni kungokukaJehova iNkosi.

Amahubo 68