Amahubo 68:10-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Ibandla lakho lakha kulo;ngobuhle bakho wabalungisela abahluphekayo, Nkulunkulu.

11. INkosi iphumisa izwi;abesifazane ababika indaba ejabulisayo bayisixuku esikhulu.

12. Amakhosi ezimpi ayabaleka; ayabaleka wona;isifazane esihlezi ekhaya sabela impango.

13. Nxa nilala phakathi kwezibaya,kunjengamaphiko ejuba asibekelwa ngesiliva,izimpaphe zamaphiko alo ngegolide elikhazimulayo.

14. Nxa uSomandla ehlakaza amakhosi kulo,likhithika iqhwa eSalimoni.

15. Intaba yaseBashani iyintaba kaNkulunkulu;intaba yaseBashani iyintaba eneziqongo.

16. Nina zintaba ezineziqongo,yini ukuba niyibuke ngomhawu intabauNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na?Yebo, uJehova uyakuhlala kuyo kuze kube phakade.

17. Izinqola zikaNkulunkulu ziyizinkulungwane ezingamashumi amabili,izinkulungwane nezinkulungwane;iNkosi iphakathi kwazo;iSinayi lisendaweni engcwele.

18. Wena wenyukela phezulu,wathumba izithunjwa,wamukela izipho kubantu nakwabahlubukileyo,ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale khona.

19. Mayibongwe iNkosi.Iyasithwala imihla ngemihla;uNkulunkulu uyinsindiso yethu. Sela*

20. Kithina uNkulunkulu unguNkulunkulu wezinkululo;ukukhipha ekufeni kungokukaJehova iNkosi.

21. Impela uNkulunkulu uyakuliphohloza ikhanda lezitha zakhe,ukhakhayi olunesihluthu lwalowo osahamba ezonweni zakhe.

Amahubo 68