Amahubo 68:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Makavuke uNkulunkulu,zihlakazeke izitha zakhe;abamzondayo babaleka phambi kwakhe.

2. Bamukiswa njengokumukiswa komusi;njengokuncibilika kwengcina phambi komliloababi bachithwa phambi kukaNkulunkulu.

3. Kepha abalungileyo bayajabula;bayethaba phambi kukaNkulunkulubethokoza nokuthokoza.

Amahubo 68