1. Makavuke uNkulunkulu,zihlakazeke izitha zakhe;abamzondayo babaleka phambi kwakhe.
2. Bamukiswa njengokumukiswa komusi;njengokuncibilika kwengcina phambi komliloababi bachithwa phambi kukaNkulunkulu.
3. Kepha abalungileyo bayajabula;bayethaba phambi kukaNkulunkulubethokoza nokuthokoza.
4. Hlabelelani kuNkulunkulu,nidumise igama lakhe;menzeleni umendo lowo odabula amahlane;igama lakhe linguJehova;yethabani phambi kwakhe,
5. uyise wezintandane,umahluleli wabafelokazi,uNkulunkulu endlini yakhe engcwele,
6. uNkulunkulu ohlalisa imihlalaqha ezindlini,akhiphele iziboshwa ekubuseni;ngabahlubukileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo.
7. Nkulunkulu, ekuphumeni kwakho phambi kwabantu bakho,ekudabuleni kwakho ihlane, Sela*
8. umhlaba wazamazama,izulu laconsa phambi kukaNkulunkulu,neSinayi lazamazama phambi kukaNkulunkulu,uNkulunkulu ka-Israyeli.
9. Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu;ifa lakho selahlulekile, waliqinisa.
10. Ibandla lakho lakha kulo;ngobuhle bakho wabalungisela abahluphekayo, Nkulunkulu.
11. INkosi iphumisa izwi;abesifazane ababika indaba ejabulisayo bayisixuku esikhulu.
12. Amakhosi ezimpi ayabaleka; ayabaleka wona;isifazane esihlezi ekhaya sabela impango.
13. Nxa nilala phakathi kwezibaya,kunjengamaphiko ejuba asibekelwa ngesiliva,izimpaphe zamaphiko alo ngegolide elikhazimulayo.
14. Nxa uSomandla ehlakaza amakhosi kulo,likhithika iqhwa eSalimoni.
15. Intaba yaseBashani iyintaba kaNkulunkulu;intaba yaseBashani iyintaba eneziqongo.