Amahubo 64:2-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Ngisithe esigungwini sababi nasesixukwini sabenza okubi,

3. abalola ulimi lwabo njengenkemba,bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo

4. ukuba bamdubule ongenacala ngasesitha,bamdubule ngokuzuma bengesabi.

5. Baqinela icebo elibi;bakhuluma ngokufihla izingibe;bathi: “Ngubani oyakusibona na?”

6. Basongoza izenzo ezimbi,bathi: “Siliqedile icebo elisongoziweyo,”izibilini nenhliziyo yomuntu kujulile.

7. Kepha uNkulunkulu uyakubadubula ngomcibisholo;bagwazwe ngokuzunywa.

8. Bayakuwiswa, baficwe lulimi lwabo;bonke abababonayo bayonikina ikhanda.

9. Bonke abantu bayashaywa luvalo;bayakushumayela izenzo zikaNkulunkulu,baqonde akwenzileyo.

10. Olungileyo uyakujabula kuJehova, aphephele kuye;bonke abaqotho ngenhliziyo bayakuzibonga.

Amahubo 64