Amahubo 63:3-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila;izindebe zami ziyakukudumisa.

4. Ngiyakukubonga ngisaphila;ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.

5. Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha;umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo,

6. Nxa ngikukhumbula ecansini lami,ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.

7. Ngokuba ungisizile;ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho.

Amahubo 63