Amahubo 63:2-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Kanjalo ngikubheka endlini engcwele,ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.

3. Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila;izindebe zami ziyakukudumisa.

4. Ngiyakukubonga ngisaphila;ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.

5. Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha;umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo,

6. Nxa ngikukhumbula ecansini lami,ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.

7. Ngokuba ungisizile;ngiyakwethaba ethunzini lamaphiko akho.

8. Umphefumulo wami ubambelele kuwe;esokunene sakho siyangiphasa.

9. Kepha abafuna umphefumulo wami ukuwubulalabayakwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.

10. Bayakunikelwa esandleni senkemba,babe yisabelo sezimpungushe.

11. Kepha inkosi iyakuthokoza ngoNkulunkulu;bonke abafunga yena bayakuzibonga;ngokuba umlomo wabakhuluma amanga uyakuvalwa.

Amahubo 63