Amahubo 63:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,ngiyakufuna ekuseni;umphefumulo wami womele wena;inyama yami ilangazelela wenaezweni elomileyo eligagadekileyo,lapho amanzi engekho khona.

2. Kanjalo ngikubheka endlini engcwele,ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.

3. Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila;izindebe zami ziyakukudumisa.

4. Ngiyakukubonga ngisaphila;ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho.

5. Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha;umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo,

6. Nxa ngikukhumbula ecansini lami,ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.

Amahubo 63