5. Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke;yonke imicabango yabo iqonde ukungona.
6. Bayabuthana, baqamekele,baqaphele izinyathelo zami,njengokuba beqamekela umphefumulo wami.
7. Bayakuphunyuka yini ebubini babo na?Diliza izizwe ngentukuthelo, Nkulunkulu.
8. Ukuzula kwami ukubalile wena;yetha izinyembezi zami egabheni lakho;azikho encwadini yakho na?
9. Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo;ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.
10. KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi;kuJehova ngiyakulidumisa izwi.
11. Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba;umuntu angangenzani na?
12. Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami;ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.
13. Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeninezinyawo zami ekuweni,ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkuluekukhanyeni kwabaphilayo.