Amahubo 56:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu,ngokuba abantu bafuna ukungigwinya;usuku lonke bayangicindezela belwa.

2. Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke;ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.

3. Mhla ngesabayongiyakwethemba wena.

4. KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe;ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba;inyama ingangenzani na?

5. Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke;yonke imicabango yabo iqonde ukungona.

Amahubo 56