Amahubo 56:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu,ngokuba abantu bafuna ukungigwinya;usuku lonke bayangicindezela belwa.

2. Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke;ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.

3. Mhla ngesabayongiyakwethemba wena.

4. KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe;ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba;inyama ingangenzani na?

5. Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke;yonke imicabango yabo iqonde ukungona.

6. Bayabuthana, baqamekele,baqaphele izinyathelo zami,njengokuba beqamekela umphefumulo wami.

7. Bayakuphunyuka yini ebubini babo na?Diliza izizwe ngentukuthelo, Nkulunkulu.

8. Ukuzula kwami ukubalile wena;yetha izinyembezi zami egabheni lakho;azikho encwadini yakho na?

9. Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo;ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.

10. KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi;kuJehova ngiyakulidumisa izwi.

11. Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba;umuntu angangenzani na?

Amahubo 56